Datasets:
Tasks:
Multiple Choice
Modalities:
Text
Formats:
json
Sub-tasks:
multiple-choice-qa
Size:
1K - 10K
License:
File size: 11,234 Bytes
0f8b941 |
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 |
[
{
"q": "Waqala kuphi ukucula?",
"a": "Ekhwayeni yasesontweni",
"context": "UWhitney wazalwa ngomhlaka 9 kuNcwaba 1963 ezalelwa eNew Jersey e-Melika. Wayezalwa ngu John Russel Houston Jr beno Emily Cissy Houston.Ubaba wakhe uJohn wayengumfundisi. UWhitney waqala ukucula esemncane ecula ekhwayeni yasesontweni lakobo i- Baptist .Ikhono lakhe lavela lapho anikwa ithuba lokuthi acule yedwa ehola ikhwaya bese New Hope Baptist Church lapho babecula iculo elithi, “Guide me oh Thy great Jehova”.\n\nUmama wakhe wabe engumculi,wayehamba naye esemncane uma eyocula.Kwakuthi uma eseculile amnike ithuba njengengane yakhe ukujabulisa abantu. Iphimbo lakhe lajabulisa futhi lathandwa izinkampani eziningi zabaqophi (recording companies) bomculo. Lezi zinkampani zazifuna ukumsayinisa khona esemncane, kodwa unina wayengafuni. Wayethi kumele aqale afunde aqede isikole kuqala. Kwathi ngonyaka ka-1983 inkampani eyaziwa ngokuthii –Ariste Records yamsayinisa. Ngaphandle kokucula uWhitney wayengumkhangisi wengqephu. Lelithalente lakhe lokukhangisa nalo lagqama esemncane.\n\nNgaphandle kokucula nokukhangisa ngengqephu waba futhi ngumdlali wamafilimu. Sibala lapha amafilimu anjengo Bodygaurd, Preacher’s Wife, Exhaling kanye namanye..Ziningi izingoma aduma ngazo,singabala lezi ezimbalwa: “Where do broken hearts go”, I will always love you”, “Greatest love of all”, I wanna dance with somebody namanye amaningi. Wacula ngokubambisana nabaculi abaningi. Ipholavuthondaba ngoWhitney laba emva kokungena kwakhe ezidakamizweni. Kwathi ngo 1993 washada noBobby Brown. Umshado wakhe noBobby waphela ngo 2007 naye owayethinteka kakhulu kulomkhuba wezidakamizwa. Baningi abantu abaphoxeka ngokuziphatha kuka Whitney futhi kwehlisa isithunzi sakhe nendlela acula ngayo.\n\nWabuye wasimama kwezomculo kodwa akubange kusaba lula ngoba phela wabe esengene shi kulomkhuba wezidakamizwa.Ngonyaka ka 2012 ziyi-9 kuFebruwari watholakala eshonile egunjini lakhe lasehhotela, kwathi uma ehlolwa kwatholakala ukuthi igazi lakhe laligcwele izidakamizwa ngokweqile.",
"grade": "8",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Nikeza ubuningi bamagama afakwe kubakaki. Bhala igama nempendulo kuphela.",
"a": "umfundisi- abefundisi",
"context": "Bacela (umfundisi) ukuthi athandaze.",
"grade": "9",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "UTumi unezivalo zamabhodlela ezinga-75. Wazehlukanisa zaba yizinqwaba e-5\nezilinganayo. Zingaki izivalo zamabhodlela enqwabeni ngayinye?",
"a": "Kunezivalo zamabhodlela ezi 15 enqwabeni ngayinye.",
"context": "",
"grade": "3",
"category": "Mathematics"
},
{
"q": "Uthini umyalezo (message) wale nkondlo?",
"a": "Abantu besilisa kumele babaphathe kahle abantu besifazane abathandana nabo bangabaphoxi.",
"context": "THEMBA LAMI\n\nUlethe ukukhanya empilweni,\nLapho ngidukuza ebumnyameni\nWangiqoqa ngabuya ekudukeni,\nLaqala lahluma ithemba,\nNgazibona ngifanelwe ukuphila\n\nAmazwi akho ankenteza ezindlebeni,\nNgalala ngiphenduka ngizibuza,\nNgabe ngempela uqinisile,\nNoma izethembiso eziwangala\nNgema isibindi ngakugaxa ucu.\n\nSesiphakathi emkhunjini wothando.\nNgithemba uyazi sibhekephi\nNgibheke wena ngicela ungangiphox.i\nUngangishayi, ungangibhangqi, ungazise.\nImibuzo",
"grade": "9",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Zicabange unguZinhle futhi ugcwalisa leli fomu:\n\nUmuntu ongafakaza ngekhono lakho lokutha:\n\nUbudlelwane:",
"a": "Uthisha wami",
"context": "UZinhle uhlala nomama wakhe, uNonkululeko Mbatha, ekhaya labo eliku-110 St Patricks Drive, eMount View. Inombolo yakhe yocingo ithi, 0331 757 0894 kodwa okwamanje ucingo lukamama wakhe lufile ngakho utholakala ocingweni lwasendlini naku imeyli yakhe. UZinhle naye unalo ikheli le-imeyli elithi, [email protected]. Ucingo lwasekhaya luthi, 0731 995 3657.\n\nUZinhle Mbatha uyintombazane eyenza ibanga-12 eSt Martha Collegiate. Inombolo yocingo lwesikole ithi, 0731 889 7357. Ikheli lesikole lithi, 23 King Edward Avenue, eMount View. Ngonyaka ozayo ufisa ukuya esikoleni semfashini. Uthisha wakhe, uNkosikazi Sinenhlanhla Ndlovu, naye uyalibona ikhono analo futhi uhlale emkhuthaza ukuthi aqhubeke nokuthunga izingubo. Njalo uma kukhona akudwebile uqale akuthumelele uNkosikazi Ndlovu ku-imeyli yakhe ethi, [email protected].\n\nUZinhle akanazo izihlobo eGoli kodwa, uzoba neminyaka eyishumi nesishiyagalombili ngonyaka ozayo. Lokhu kusho ukuthi uyobe esengakwazi ukuzihlalela yedwa.\n\nUZinhle uzimisele ngokuthunga izingubo zokugqoka nangemfashini. Uyathanda ukuhambela imicimbi kanye nemincintiswano yalolu hlobo. Ngenyanga kaJulayi ubesemcimbini odume kakhulu eNingizimu Afrika owaziwa ngeMgungundlovu July. Lapha kusuke kugcwele osaziwayo begqoke izimpahla ezithungwe ngabathungi abakhulu abavela emazweni ahlukene. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu futhi kumnika nethuba lokubona ukuthi yiziphi izitayela ezithandwayo. Yena ujwayele ukudweba futhi azithungele izingubo zemicimbi yasebusuku. Uthanda zona kodwa nezokungcebeleka uyazithunga nazo.\n\nNgesonto eledlule, uZinhle ubone lokhu ephephandabeni:\n\n“Umncintiswano wabathungi abasafufusa \n\nUngaphuthelwa yithuba lokuziwinela umfundaze wokuyofunda esikoleni esiphezulu semfashini.\n\nKumenywa bonke abasaqala ukuthunga ukuba bangenele lo mncintiswano. Abathathu abazophuma phezulu bazothola ithuba lokuyokwenza izifundo zamahhala zokuthunga nemfashini ngonyaka wezi-2019 e-Fashion World Institute eseGoli.\n\nUsuku: ngoMgqibelo mhla zingama-23 KuNovemba 2018\nIsikhathi: 09h00 ekuseni\nIndawo: eMount View Community hall\nOkulindelekile: ukufika nezimpahla ezintathu ozithungile\nImikhakha: ezokubhukuda, ezasebusuku kanye nezokungcebeleka\n\nVakashela ku www.FWI.co.zi ukuthola ifomu lokungenela.”",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Yini abazali okumele bayifundise abantwana?",
"a": "Ukufundisa abantwana ukuthi iyini injabulo yangempela.",
"context": "Ukujabulela lokho onakho nezinto abanye abantu abakwenzela zona kunomthelela omkhulu nomuhle empilweni yakho. Kubalulekile sizijwayeze ukubonga kunokucela njalo.\n\nAbantwana abangafundanga ukubonga bayahlupha ngoba abaziphathi kahle uma bengakutholi abakufunayo. Lokhu kuvamise kakhulu kulabo abaneminyaka emihlanu kuya phansi. Nendodana yami, uZibuyile, seyineminyaka emithathu ngabona ukuthi seyikulungele ukufundiswa ukubonga.\n\nSaqala ngokusebenzisa amagama okubonga ekhaya. Ngafundiswa ukuthi ukubonga kuyahambisana nenhlonipho. Ukubonga kuyinto umntwana angafundiswa yona aze afike ezingeni lapho ekuqonda ukuthi kusho ukuthini. UZibuyile wayethanda ukwenza yonke into njengami. Ngase ngibona ukuthi abantwana bafunda ngokubuka indlela abanye abenza ngayo. Njengabantu abadala nabazali, kumele sibe yizibonelo ezinhle kubo. Lokhu kwangenza ukuthi ngisho ukuthi ngiyabonga kuye uma kukhona engikuthandayo akwenzayo. Angigcinanga lapho, kodwa bengenza isiqiniseko sokubonga nabanye abantu ngokuhle abakwenzayo. Konke lokhu ngangikwenza phambi kwakhe umfana wami ukuze afunde ukubonga.\n\nSacabanga njengomndeni ukuthi kwakuzosiza uZibuyile uma siba yingxenye yomsebenzi wokusiza abahluphekayo. Ngenxa yalokhu, eseneminyaka eyisithupha, uZibuyile waqala wabona ukuthi kuningi kangakanani anakho futhi okufanele akubonge empilweni yakhe. Akugcinanga nje lapho, kodwa lesi senzo samsiza futhi ukuthi afunde ukucabanga ngabanye abantu kanye nokupha labo abaswele.\n\nEnye yezindlela zokukhuthaza abantwana ukuze bajwayele ukubonga ukukwenza lokhu kube samdlalo. Isibonelo, umuntu ngamunye angasho akubongayo ngosuku lwakhe ngaphambi kokuhlala phansi etafuleni. Kungenzeka abantwana baqale ngokubonga izinto eziphathekayo kodwa ngokuhamba kwesikhathi bazohamba babone ukuthi kuningi okunye abangakubonga ezimpilweni zabo. Lokhu sisaqhubeka nokukwenza noma esemdala uZibuyile.\n\nHamba nabantwana bakho uma uyothengela abanye izipho. Ungabacela abantwana ukuba bakuphe amacebo ezipho ezingafanela labo obathengelayo. Bacele futhi bakusize lapho usugoqa isipho leso. Okunye futhi ukuthi ucele kube yibo abahambisa isipho kulo okusuke kungesakhe.\n\nAbantwana bajwayele ukusicela njengabazali ukuba sibathengele amathoyizi nezinye izinto zokudlala. Uma sibanika konke abakucelayo sibafundisa ukubhekana nokuphoxeka futhi bakujabulele lokho abanakho. Akumele futhi sibajwayeze izipho ezibiza kakhulu njalo uma begubha usuku lokuzalwa noma kuyisikhathi sikakhisimusi.\n\nKumele sikhumbule ukuthi abantwana bafunda ngokubukela kithi esibadala. Masiqaphele ukuthi yini le esiyijahayo empilweni ngoba nabo bazokhula bajahe yona. Siphila esikhathini lapho abantu bekholelwa ukuthi kufanele njalo kube khona okusha abakuthengayo ukuze bajabule. Lokhu kungenza nabantwana bazibone benelungelo lokuthengelwa izinto ezintsha nezingcono nezinkulu ngaso sonke isikhathi. Ingozi yalokhu ukuthi bangagcina bengakwazi ukwaneliseka nokujabulela lokho abanakho. Kungumsebenzi wethu njengabazali ukufundisa abantwana bethu ukuthi iyini injabulo yangempela kahle kahle.",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Le nkampani inaso yini isipiliyoni sokuhlela uhambo lwezemfundo?",
"a": "Yebo",
"context": "Vakash’ Ufunde\n\t\t\t\t\t\nInkampani yakwaVakash’ Ufunde isiza izikole ezifuna ukuhambisa abafundi bazo ezindaweni ezahlukene ngenhloso yokuba kube khona abakufundayo.\n\t\t\t\t\t\nSineminyaka engaphezu kwengamashumi amabili sisebenzisana nezikole ukuhlela ukuvakasha okuhambisana nezemfundo. Siyakwazi okusebenzayo uma kuziwa emfundweni yangaphandle kwasekilasini.\n\t\t\t\t\t\nSingakusiza ngokukuhlelela uhambo nabafundi bakho abaphakathi kweminyaka eyi-10 kuya kweyi-18 lokuya noma kuphi. Asigcini ngokuhlela ukuvakasha okuqondene nezifundo zasekilasini kuphela. Silungisela abafundi izinhlelo zokuphuma eziqondene namakhono okuxazulula izinkinga kanye nezobuholi.\n\t\t\t\t\t\nUkuphepha kuhamba phambili ngakho senza isiqiniseko sokuthi sisebenzisana nezinkampani ezisemthethweni ngakho sisebenzisa amahhotela, amahhositela, amabhasi kanye namabhanoyi abhalisiwe futhi ahambisana nemigomo engaphansi komthetho wezokuvakasha nokungcebeleka umhlaba wonke. Zonke izindawo esihambisa abafundi kuzo ziphephile.\n\t\t\t\t\t\nUbudlelwano obuhle esinabo nezinkampani buqinisekisa ukuthi sithole amanani aphansi ezithuthi, nezindawo zokuhlala kanye nemali yokungena ezindaweni ezisuke zivakashelwe. Lokhu kwenza ukuthi ukwazi ukuhamba nabafundi bakho ngemali ephansi kwaleyo obuzoyikhokha ukuba ubuzihlelele wena.\n\t\t\t\t\t\nKwaVakash’ Ufunde siyayithanda imfundo kanye nezemvelo. Bonke abasebenza nathi baneminyaka eminingi benza lo msebenzi wokuphuma nezikole. Ngakho ungasethemba.\n\t\t\t\t\t\nNgeminye imininingwane sithinte kule nombolo yocingo: 091 818120 ukuze ukhulume nathi ngokushesha. Ungathanda ikhasi lethu ku-Facebook noma usilandele ku-Twitter. Ungangena naku webpage lethu ushiye imininingwane yakho ku-www.vuedu.org.cz sizobe sesikuthinta ngakusasa.",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Zingaki izinyanga onyakeni?",
"a": "Izinyanga ziyi 12.",
"context": "",
"grade": "1",
"category": "Mathematics"
}
] |